Aziwe #FeesMustFall

“Inkunzi isematholeni”. Lamazwi aqukethe okuningi uma ulandela okwenzeka eNingizimu Afrika namuhla.

Intsha idlala izidakamizwa kanye nezifo ezingalapheki. Ikati lilele eziko. Imisebenzi ayikho. Abantu abanawo amakhono okuzisebenza. Abanye baziphilisa ngamasenti akhishwa uhulumeni ngenhloso yokulekelela abazali bezingane. Ukuba umuntu onsundu kusayichilo njengoba kwakunjalo ngo-1994.

Amazwi eqhawe lomzabalazo u-Solomon Mahlangu, ebhekwe isigwebo sentambo, athi akanavalo ngesigwebo abekwe sona ngoba uyazi ukuthi igazi lakhe lizoba umanyolo ozokhulisa isihlahla sempumelelo. Iqhawe lentsha elabulawa ngamaphoyisa ngonyaka wa-1977, u-Bantu Steve Biko, uthi esikhathini sempumelelo wonke umuntu uyoba nendawo yakhe yokukhululeka, atanase, athokoziswe izithelo zalesihlahla umfoka Mahlangu akhuluma ngaso. Abafundi abasema nyuvesi kulonyaka bathi leyo mpumelelo abayazi! Ayikafiki! Basayizingela! Bazoyithola ngenkani!

 Ukhongolose unguhulumeni

Ukhongolose uwine ukhetho lokugcina ngomkhankaso obunobuciko, kepha isiqubulo ebesithi “We have a good story to tell” sesiphenduka ihlaya. Ukwenza abantu izilima ukuthi uthi uphethe mese utshele abafundi ukuthi uvumelana nesifiso sabo kepha ungenzi isiqiniseko sokuthi kwenzeke lokhu okucelwayo. Uhulumeni utshele abaphathi bezikhungo zemfundo ukuthi akwande inani labafundi. Izikhungo zikwenzile lokhu. Kodwa uhulumeni uyayinciphisa imali ayifaka emanyuvesi. Kuyacaca ke ukuthi inhloso ukuthi abafundi bangaqedi noma kwehle uhlobo noma ubuchule bemfundo. Imfundo yamabanga aphela kumatikuletsheni ifile. Uma isimo siqhubeka kuyacaca ukuthi iziqu zemfundo ephakeme zingagcina sezi yizeleze njenge sitifiketi sikamatikuletsheni.

Ukhongolose kumele wazi ukuthi uma ungakugobeli lokhu okucelwa abafundi, ukuthi imali ingakhuphuki ngonyaka ozayo, bavumelana nokuthi isizwe esimnyama siqhubeke nokuhlupheka okungasoze kwaphela. Isiphelile manje iminyaka emihlanu abafundi ezikhungweni ezahlukene beteleka unyaka nonyaka ngalo loludaba lokubiza kwemfundo. Isikhathi sokubaziba sesiphelile.

Abafundi bakhombisa ubuholi

Abahlaziyi bezombusazwe sekunesikhathi manje bekhononda ngokungabi khona kwabaholi ongazishaya isifuba ngabo. Uma ucabanga abaholi esinabo uvele uphelelwe amandla, awucabange laba nje: umongameli u-Jacob Zuma, mam’ Angie Motshekga, Faith Muthambi, Gugile Nkwinti, Hlaudi Motsoeneng, Dina Pule, Ellen Tshabalala, Thulas Nxesi, Nathi Mthethwa neduku lakhe, Tina Joemat Peterson. Ngingazithola ngihlaselwa iNyala ne White star uma ngibabiza ngempuphu. Kuthi khala uma ubuka ubungane nobuphukuphuku obuqhubeka ephalamende.

Isenzo sabafundi abasemanyuvesi ahlukahlukene sikhombise ubuhlakani nobuholi esingasabazi. Ngesikhathi esincane nje abafundi bakwazila ukudonsa amehlo eningi ngendlela ezokwenza ukuthi sibheke ukubiza kwemfundo ephakeme, sibheke ubandlululo olusaqhubeka kwezinye zalezikhungo, siphinde sibukisise isimo sabantu abaqashiwe kulezikhungo zemfundo abasebenza kanzima kepha behhola amakinati.

Akukho nokumsabisa uBlade Nzimande ngokuthi #BladeMustFall ngoba uyambona nje ukuthi kukhona okuthize okudlula entanyeni okukade kwaqeda ngaye, sekuzisalele igobonga nje.

Okuhle ngokuteleka kwabafundi

Abafundi bakhombise umunyano oluyisimanga. Uma ubuholi babafundi base UKZN-Edgewood bungeneme, obase Westville buyangenelela. Umakuqala i-Wits i-UCT iyalandela, kuthi kusenjalo ubone i-DUT, NMMU, WSU, Rhodes kanjalo… Lokhu kuyinkomba yokuhlangana nokuhlela esingasakwazi selokho kwabakhona i-ANC ya-Mbeki ne-ANC ya-Zuma zibhekene emahlweni. Belwa bodwa. Bengalwi nobubha kanye nezinselelo esibhekene nazo njengezwe. Laba bafundi basebenza ndawonye noma omunye echeme ne-EFF omunye ewukhongolose kanjalo kanjalo. Kuyancomeka lokhu, amagalelo abo mahle. Bakhombisa ubuhlakani ngokuya ephalamende, eLuthuli House kanye nase-Union Buildings ngoba amavoti ethu aphelela khona.

Abafundi bakhombisa isimilo nobuhlakani ngokuteleka okungenadlame. Kodwa ke nalapho udlame luba khona kumele kucace ukuthi uma isimo sesifike kwa ngqingetshe angeke abafundi batshelwe ukuthi basebenzise eziphi izindlela zokuveza ukunganeliseki. Lokhu akuhlukile ekutheni i-PAC kanye ne-ANC kwadingeka ukuthi baqeqesha amasosha (POQO, Umkhonto weSizwe) ngaphambi kokuthi kuxoxiswana nezidlamlilo zamabhunu ezaziphethe.

Abafundi bakhombisa ukuqonda ukuthi impi ayikho mayelana nezimali nje kuphela kodwa kusanenselelo yokulwa nobandlulo kanye nefa lengcindezelo yeminyaka. Okunye okungihlabe umxhwele ukubona abafundi abangaswele  benyathela eduze kwalabo abangazithola bevaleleka ngaphandle uma izimali ezivele zibiza itshe ziphinde zikhuphuka.

Uma sibona abafundi bekhuzana bodwa, becosha amaphepha emuva kokuteleka, begqugquzelana ngokuthi bateleke emini mese bafunde ebusuku  sibona ngokusobala ukuthi banenhloso.

Isixazululo

Abezindaba babethi lapho uma bebuza izinsika zomzabalazo esibala kuzo u-Rolihlahla Mandela kanye no-Bantu Biko ukuthi abantu abamnyama banganikwa kanjani ivoti noma umhlaba ekubeni bengafundile? Lezihlabani ziphendule ngelithi:

Awudingi ukuthi ufunde ukuze ukwazi ukuzikhethela noma ube nomhlaba wokuziphilisa. Lendlela yokuphendula yayingenhlosi yokwenza kube sobala ukuthi akungadidaniswa izinto. Imfundo ibaluleke ngendlela eyisimanga kepha kwakungasona isizathu esiqavile sokuthi abantu abansundu ababambiswe iwa kuze kuyovalwa leso. Ngendlela ethi mayifane ke nginombono wokuthi ubuholi abudlule ekucasheni ngokuthi imali ayikho yokufeza izifiso zabafundi. Ubuholi abuhole bayeke ukuhona. Umsebenzi wabo ukuxazulula indaba yokuthi imali izoqhamukaphi. Kungcono ukuthi abafundi batelekele imali yokufunda kunoku khangezela imali yeqolo. Uma sikwazi ukukhipha izinkulungwane zezigidi silungiselela indebe yomhlaba, sisafuna nokusingatha ama-Commonwealth games akungadlalwa ngathi kuthiwe imali ayikho. Kumele wonke umfundi ophasa kahle akwazi ukuthi afunde imfundo ephakeme!

Viva #FeesMustFall Viva!

#ProtestAndPass

#0%

#AwunyiPerhaps

Advertisements

Leave a Reply

Fill in your details below or click an icon to log in:

WordPress.com Logo

You are commenting using your WordPress.com account. Log Out / Change )

Twitter picture

You are commenting using your Twitter account. Log Out / Change )

Facebook photo

You are commenting using your Facebook account. Log Out / Change )

Google+ photo

You are commenting using your Google+ account. Log Out / Change )

Connecting to %s